Usevilile enkantolo uShadrack Sibiya ngamacala athinta ukudlwengula

Izolo silale ngezithi kuboshwe uJenene wamaPhoyisa omkhulu,nokho igama lalowo Jenene belingazange lidalulwe.Baqagelile-ke abaningi bathi noma kanjani lowo Jenene uShadrack Sibiya.Kuye ngamagama eNkehli nina beSilo,bashaye emhlolweni abaqagelile.Bekunguyena nezinqotho zakhe uSotobe.UJenene Sibiya uvelile namuhla enkantolo yaseRandaburg ngamacala abandakanya elokudlwengula,elokushushumbisa abantu kanye nelokucija ingane ngokozocansi phecelezi “child sexual grooming”.Ukuqulwa kwamacala akhe kuhlehliselwe kumhlaka 29 kuyo lena ephezulu uMandulo.Ube esethunyelwa eKgoshi Mampuru Prison ngoba umbuso uveze ukuthi uke wahlela ukubaleka eqe umngcele lona okaSotobe.Kuthiwa uSotobe wadlwengula intombazane eneminyaka eyi18 kwelinye lamaHotela aseSandton ngoMeyi.

 

Khumu! 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *