Akayi ndawo uMqeqeshi,kusho uJunior Motaung

Izolo uMqondisi weqembu le Kaizer Chiefs uKaizer Junior Motaung ukhiphe isitatimende wehlukanisa inhloko nesixhanti ngoMqeqeshi waleli qembu,uLeornado Da Cruz.Ubhale lesi sinakanaka sencwadi kulandela ukukhishwa kweKheza emqhudelwaneni weCAF zisuka nje .ingakahambi nebanga elide.Ikhishwe yiqembu laseZambia iRed Arrows.IKheza yashaywa ngo1-0 yileli qembu emlenzeni wokuqala emdlalweni owadlalelwa khona eZambia.Kwathi emlenzeni wesibili odlalwe eMabhida ngoMqibelo iKheza yanqoba ngawo u1-0.Kodwa ngeshwa yashaywa kumaPhenathi.Kulesi sitatimende uJunior ukubeke kwacaca ukuthi uKhoshi Cruz akayi ndawo,futhi bona bagculisekile ngomsebenzi wakhe bengabaphathi baleli qembu.Uveze ukuthi uCruz wakha isisekelo esiyokhiqiza imiphumela emihle kusasa,ngakho-ke abalandeli mabehlise amaphaphu.Uphinde waveza nokuthi bona bengabaphathi bagculisekile ngendlela iKheza edlale ngayo ngoMqibelo kwazise phela abanye abadlali babesekulimaleni.

Khumu!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *