Injabulo yodwa eNgilandi uHarry Kane ekhala emuka nesicoco se Ballon d’Or.Lokhu kwenzeke izolo kusihlwa lapho lo mgadli weBuyern Munich ehlule khona izimbangi zakhe obekukhona kuzo nomgadli weBarcelona oshisa izikhotha ,uLamine Yamal.Ukudla kwakhe lesi sicoco kusho ukuthi uKane uqede indlala yeminyaka engama 25 eNgilandi ngoba phela lesi sicoco eNgilandi selokhu sagcina ukudliwa uMichael Owen ngowe 2001.NgeSizini edlule uKane wavelela amaGoli ayi 73 emidlalweni eyi 65 okungeyeqembu lakhe iBayern Munich kanye neyezwe lakhe iNgilandi.Lo mdlali uneminyaka engama 33.Lo mcimbi ububanjelwe eLondon,khona eNgilandi.UKane ubonge wanconcoza kozakwabo kwiBayern,kanye naseqenjini lesizwe laseNgiland.