Kubikwa ukuthi kubanjwe oZamazama abayishumi nesishiyagalo lunye (19) eMayini yaseBaberton engasasebenzi , esifundazweni saseMpumalanga. Lokhu kwenzeke izolo ngomhlaka 26 Zibandlela njengoba kuqhutshwa uMkhankaso obizwa ngokuthi “Vala uMgodi”okuwuMkhankaso osunezinyanga uqhubeka . Labo Zamazama bavinjizelwe ngamaPhoyisa ngaphakathi emgodini bengazelele , babanjwa bonke . AmaPhoyisa abelekelelana naboMbutho wamaSosha anolwazi olunzulu ngeziqhumane , abizwa ngokuthi “South African National Defence Force’s Improvised Explosive Demolition Devices Team “( SANDFIEDDT) . Kulaba oZamazama kubikwa ukuthi abayishumi nanye (11) badabuka eMozampikwe , kanti abayisishiyagalo mbili abaseNingizimu Afrika. Kuthiwa abasolwa batholakale neziBhamu ezingekho emthethweni , amaLedo angoOva kanye neziqhumane . EziBhamini abatholwe nazo kubikwa ukuthi kukhona nezamaPhoyisa okwakubikwe ukuthi zintshontshiwe eSteshini samaPhoyisa eBaberton . Kuthiwa abasolwa bazovela eNkantolo i-Barberton Magistrates Court ngoMsombuluko mhlaka 30 Zibandlela .
Kubanjwe oZamazama neziBhamu zamaPhoyisa