AbeDowns badle izicoco zabavelele beNyanga

UMqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso kanye noMgadli uLucas Ribeiro badle izicoco zabavelele beNyanga kaNhlolanga(February).IGoli likaRibeiro alishaya ngenkathi bedlala neOrlando Pirates livotelwe njengeGoli leNyanga.Leli Goli lidle umhlanganiso kufanele kwazise uRibeiro walifukuzela esuka nebhola phakathi nenkundla wagijima wabeletha abadlali bePirates waze wayoshaya elihle iGoli.Lo Mgadli weDowns ongokudabuka eBrazil akazibekile phansi,akawashayi uyawaqhulula amaGoli njengoba kunguyena oqwakele phezulu ohlwini lwabadlali asebeshaye amaGoli amaningi kwiBetway Premiership ngamaGoli ayiShumi nantathu(13).Kanti uMqeqeshi wakhe uCardoso naye kubukeka eyicija kahle kakhulu iDowns,idlala ibhola elihle,kanti futhi yiyona ehlezi esicongwnei seLigi namaphuzu ayi55 emidlalweni eyi21.Ilandelwa yiOrlando Pirates enamaphuzu ayi39 emidlalweni eyi17.Ukuvotelwa kwabavelele beNyanga kaFebruary kwenzeke mhlaka 4 kuNdasa,kuvonte izintatheli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *