EzikaMagebhula zesisayine uMbuthuma

Iqembu laseSoweto iOrlando Pirates selisayine uYanela Mbuthuma(23) ongumgadli weqembu lakwaZulu Natal iRichard’s Bay FC.UMbuthuma ubesanda kusayina inkontileka ende neRich Boys,inkontileka yeminyaka emihlanu.Kanti nalo iqembu lakhe eliphethwe uSfiso Jomo Biyela belisanda kumemezela ukuthi lo mdlali akayi ndawo- akekho endalini ngisho noma kungaqhamuka iqembu limfune ngetshe lemali ngeke aye ndawo.Ngokusho kwezimpukane eziluhlaza kuthiwa iPirates ibeke etafuleni i-offfer enhle kakhulu kangokuthi umfoka Biyela wehlulekile ukuyinqaba.NgeSizini eyedlule Mbuthuma washaya amaGoli ayisithupha(6)emidlalweni eyi 27.Iqembu leRich Boyz lisheshe lasivala isikhala sikaMbuthumba ngokusayina uGabadinho Mhango obengasenalo iqembu kulandela ukwehlukana kwakhe neqembu leMarumo Gallants.UMbuthuma ungumdlali wesibili weRich Boyz osayinwe ngezikaMagebhula kwazise kwamuva nje bezisanda kusayina isitobha uNkosikhona Ndaba(22) odlala ngasohlangothi lwangakwesokudla.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *