OMpetha beLigi yaseNgilandi okuyiLiverpool FC sebesayine umdlali waseJalimana okuwumdlali obatshazwa umhlaba wonke jikelele ngekhono lakhe.Lo mdlali nguFlorian Wirtz(22)osayinwe kwiBayer Leverkusen ebikade icijwa uXabi Alonso osezocija iReal Madrid yaseSpain ngeSizini ezayo.Lo mdlali udlala esiswini ngemuva nje kwabagadli.Kubikwa ukuthi iLiverpool iphule iLekhodi ngokusayina lo mdlali,kubikwa ukuthi uyena mdlali osedule kunabo bonke abadlali ezweni laseNgilandi.Ize ingadalulwanga inkontileka kaFlorian kodwa kubikwa ukuthi yinde impela,usazohlala kwezibomvu.UFlorian ungumdlali wesibili osesayinwe ileli qembu laseNgilandi kulandela ukusayinwa kukaJeremie Frimpong(24)naye usayinwe kuyo iLeverkusen,owumngane omkhulu kaFlorian.Kanti ezisanda kuvela zithi iLiverpool isivumelene nomdlali noMilos Kekerez(21)owumdlali weBournemouth ukuba naye alethwe eAnfield.ILiverpool izama ngakho konke okusemandleni ukuqinisa iSkwati sayo ukuze ivikele isicoco sayo seLigi yaseNgilandi.Bekungakabikwa ukuthi uFlorian uzobelethe yiphi inombolo.UFlorian uwumdlali ohlezi ekhona eqenjini lesizwe laseJalimana futhi uyisethenjwa.
ILiverpool isiphule iLekhodi laseNgilandi ngokusayina umdlali othwelwe ngeQoma