Namuhla bekufihlwa abalandeli beqembu leEFF abayishumi abashona engozini yomgwaqo ngesonto eledlule.Umngcwabo wabo ubuhanjelwe ngamaqembu ezePolitiki esingabala kuwona iEFF,iIFP kanye neANC.Le ngozi yenzeka ngaseMelmoth ngakuR34 sekusele amaKilomitha ambalwa nje ukuba bafike emakhaya abo kwazise bonke babedabuka eFilidi enyakatho yesifunda sakwaZulu.Ekhuluma nezinkumbi zabantu ebezibuthene eHholu lomphakathi iCecil Emmett Hall uMalema wethembise imindeni yabashonelwe ukuthi inhlangano yakhe iEFF izoxhasa imindeni yabashonelwe ngemizi emisha sha enakho konke,kubalwa ifenisha nogesi.Utshele izinkumbi zabantu ukuthi izwe lilahlekelwe kakhulu ngokwedlula emhlabeni kwalama qhawe namaqhawekazi.Uqhube wathi imindeni yabo kumele iziduduze ngokuthi izingane zawo zishonele empini zilwela ukushintsha isimo sezwe lazo,azibulawanga izidakamizwa.Amagama abayishumi abashonile uSibongakonke Mathe(17),Ayanda Khumalo(27),Ntombi Ndlovu(19),Gcwalisile Sibisi(44),Lungani Mbatha(26),Sboniso Manqele(23),Phumlani Zulu(46),Thithikani Dube(26),Thokozani Mashazi(29),kanye noSiyanda Thwala
UMalema nesethembiso sokuxhasa abashonelwe ngemizi