UseRehab owayedlalela iqembu leKaizer Chiefs

Kubikwa ukuthi uKgaogelo Sekgotha owake wagijima eqenjni leKaizer Chiefs uxakwe izidakamizwa,useRehab njengoba sikhuluma nje,okuyindawo evuselela noma ebuyisa isimo sabantu abaxakwe izidakamizwa kanye namaBhawu.Le Rehab akuyona ibizwa ngokuthi yi-Hope of Achievers Rehalitation Centre isendaweni yaseSegwashi buqamama nedolobha lasePolokwane eLimpopo.Kubikwa ukuthi uyiswe kulendawo kulandela izingxoxo phakathi komndeni wakhe kanye neqembu lakhe iUpington City laseNorthen Cape elidlala kwiMotsepe Foundation okuyiLigi yesibili ngobukhulu kuleli,ilandela iBetway Premiership.USekgotha odabuka Ga-Moletjie buqamama naseSeshego khona eLimpopo usaseKhefini eqenjini lakhe.Abathandiweyo bakhe banethemba lokuthi kuyothi uma kuvulwa iSizini entsha ngenyanga ezayo okuwuNcwaba eseyinqobile lenkinga abhekene nayo.Kuso lesi Sikhungo kukhona noLerato Chabangu owangena ngoNhlolanja kuwo lonyaka,yena uxakwe ukuqinisa eNkezweni.Usenethuba umfoka Sekgotha kwazise uneminyaka eyi27 nje kuphela kanti uneThelente elihle kakhulu.USekgotha wake wagijima oSuthwini kanye nakwiStellenboch.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *