UNgqongqoshe wamaPhoyisa uphike walala ngomhlane ukuthi uyazana noVusumuzi ‘Cat’ Matlala oyamaniswa nobugebengu obesezingeni eliphezulu obubandakanya ukungeniswa kwezidakamizwa kuleli kanye nasemazweni angomakhelwane.Lokhu kulandela inkulumo kaKhomishana wamaPhoyisa eKZN uJenene Nhlanhla Mkhwanazi eSithangamini sakhe nabezindaba lapho athe khona lensizwa yakwaMatlala iyaxhumana noMacingwane futhi unobufakazi bengxoxo kaWhatsapp ephakathi kukaMacingwane noMatlala.OkaNdonga uqhubeke wathi kunomlisa waseNorth West ogama lakhe linguOupa ‘Brown’Mogotsi eyisiqumama esixhasa uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu.Uqhubekile okaNkwali wathi le nsizwa isike yathola neThenda yamaPhoyisa kaR380million.UNdonga uthi le nsizwa yakwaMogotsi yake yamthinta ngoWhatsapp yamvezela udaba oluyimfihlo enkulu olungafanele ukuthi lwaziwe umuntu phaqa ongekho kumnyango wezokuphepha.UMacingwane ukhiphe iSitatimende namuhla ekuseni ephika ukuthi uyamazi uMatlala.Esitatimendeni sakhe okaMchunu uthe akamazi uMatlala futhi akakaze amukele usizo oluvela kuye.Uvumile ukuthi uyamazi uMogotsi kodwa umazi njengeQabane,naye akakaze amukele usizo oluvela kuye.UMatlala njengamanje useJele iMampuru,waboshelwe icala lokuzama ukubulala owabe eyintombi yakhe.Kanti izolo ebusuku abomnyango wezamaJele bagaseleke eMampuru Prison kungazelele muntu babhadama uMatlala ephethe uMakhalekhukhwini.Lowo Makhalekhukhwini ushaqiwe,wathunyelwa emaPhoyiseni ukuyovulwa ukuzeuseshwe kutholakale okuqukethwe yilo Makhalekhukhwini.Kusenjalo uKhomishana wamaPhoyisa kuzwe lonke uFannie Masemola uthi uNdonga akazange aphule mthetho ngokubiza iSithangami.OkaMasemola uqhubeke wathi yena noMkhwanazi bazokwethulela uMengameli wezwe konke okuyobe kufanele bamethulele khona mhla ebuya Phesheya kwazise uMengameli akekho okwamanjo,uPhesheya.
Angimazi uVusumuzi Matlala-Mchunu