Inkukhu nempaka esikhaleni sikaNtombela

Isisho sabadala sithi ‘izintaba azihlangani kodwa abantu bayahlangana’.URhulani Mokwena wakuleli osanda kuqashwa ukuba acije iqembu laseAlgeria iMC Alger edlala kuLigue 1 okuyiLigi enkulu kuleliya zwe uzoqhudelana nesitha sakhe esikhulu kuleya Ligi,leso sitha sakhe uSead Ramovic owake wacija iTS Galaxy yakuleli.Igqubu likaMokwena noRamovic laqala ngenkathi uMokwena esacija iMamelodi Sundowns uRamovic yena wayesacija iGalaxy.Lezi nsizwa ezimbili zazike zihilizisane impela kangangokuthi zazicishe zibambane ngezandla,okuyisimo esenzeka izikhawu eziningana kangangokuthi ngisho nengane encane yagcina isibona ukuthi lezinsizwa ziyinkukhu nempaka.USead Ramovic ucija iCR Belouizdad okuyiqembu lakhona kwelaseAlgeria elidlalelwa uKhanyisa Mayo owake wagijima kwiCape Town City.Leli qembu lingelinye lamaqembu amakhulu eAlgeria,ngeSizini edlule laphothula iLigi lihleli kunombolo 4.UMokwena ubecija iWydad Casablanca yaseMorocco ngeSizini edlule,kanti naye wayishiya esindaweni enhle kakhulu okuyindawo yesine.Bobabili laba baqeqeshi bebengakaphawuli ngokuhlangana kwabo kwesibili kwazise uMokwena uqashwe ezintatha zanamuhla.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *