Kushone isangoma emgedeni waseHeidelberg

Kubikwa ukuthi kushone isangoma emgedeni osendaweni yaseHeidelburg izolo ekuseni mhlaka 13 kuZibandlela.Ngokusho kwabantu bendawo kuthiwa isangoma esishonile besiyophahla kulo mgede sihamba nozakwabo nabo abayizangoma.Kubikwa ukuthi izangoma zakule ndawo zijwayele ukungena kulo mgede ziyophahla.Isangoma esishonile singene kulo mgede sihamba nozakwabo,baphuma bona sona asangaphuma.Ozakwabo bathe uma bebona sekudlile isikhathi eside uzakwabo engaphumile babikela amaPhoyisa.Kube sekubizwa abosizo oluphuthumayo abachithe cishe usuku lonke lwayizolo bezama ukuhlenga impilo yalesi sangoma,ngeshwa ekugcineni sigcine sitholakala sesishonile.Ayikaziwa imbangela yokushona kwaso kodwa kusolakala ukuthi sigwilizile sashona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *