Sekudutshulwe kwabulawa uDJ Warras namuhla emini.UDJ Warras ogama lakhe langempela linguWarrick Stock,udutshulwe wabulawa namuhla emini ngabantu abangaziwa okuthiwa bebebathathu.Kuthiwa okunguyena omdubulile umenemiyeko ekhanda,kubikwa ukuthi bobathathu bangabantu abansundu phecelezi African males.AmaPhoyisa abike ukuthi azosebenzisa imifanekiso eqoshwe ngamaCamera endawo ukuthungatha ababulali.UWarras ubulawelwe endaweni eseduze neCarlton Centre eGoli.UDJ Warras obeneminyaka eyi40 ubelwa kakhulu nokuqhwagwa kwamabhilidi eGoli.Kuvela nokuthi ubulawelwe buqamama nebhilidi angomunye wabanikazi balo,lelo bhilidi libizwa ngokuthi yiZambesi House. Le nsizwa yakwaStocks yazalelwa eThekwini eminyakeni engamashumi amane edlule,yake yasakaza kwiYFM,kwi5FM kanye nakwiGagasi FM.AmaPhoyisa acele umphakathi ukuthi uma kukhona okwaziyo mayelana nokubulawa kukaDJ Warras ubikele amaPhoyisa aseduze noma ushayele inombolo yamahhala ethi 0800 10 111.
Kudutshulwe kwabulawa uMsakazi odumile