Sizoqhubeka kusasa isicelo sebheyili sikaVictor Majola Mthethwa osolwa ngoba yingxenye yababulala uDJ Warras(40)owadutshulwa wabulawa phambi kwebhilidi iZambesi House eGoli ngomhlaka 16 Zibandlela ngonyaka odlule.UMajola ubevele enkantolo yaseGoli namuhla mayelana nokucela ibheyili.UMajola uveze ukuthi unezingane eziyi12 kanye namaTekisi amathathu amenzela uR5 000 ngesonto.Kodwa umphenyi waleli cala uKaputeni Abe Montwedi uthi ayikho yonke leyonto ngoba uma kubhekwa iID kaMajola akuveli ngisho neyodwa ingane.Uqhube wathi yebo amaTekisi akhona kodwa afile wonke,awasasebenzi.UMajola uveze ukuthi ngenkathi kubulawa uWarras yena wayeseSowethu akhanda imoto yakhe.UKaputeni yena uthi lutho uMajola uyavela kumaCCTV aseZambesi House kusele imizuzu eyi45 ukuba kubulawe uWarras.UKaputeni uphinde wakhala nangamakheli kaMajola wathi akanayo indawo eqondile angayibiza ngekhaya ngoba unamakheli amaningi.Amanye aseSowethu,amanye aseCosmo City,kanti elinye liseDundee kwaZulu Natal.UKaputeni uphinde waveza nokuthi eHostela iMerafe lapho amaPhoyisa abophela uMajola kwakungeyona indawo yakhe.UKaputeni uthi watshelwa yinduna yaseMerafe ukuthi uMajola wayenezinsuku ezintathu kuphela efikile eMerafe.Okusho ukuthi wayequbile eMerafe,esekubhaceni.UKaputeni phinde waveza nokuthi intombi kaMajola yathumela imininingwane yemoto kaWarras okusho ukuthi nayo iyathinteka.Uveze ukuthi nayo bazoyikinatela kungekudala.Uveze nokuthi intombi kaMajola ihlala eZambesi House futhi ingomunye wabantu abayi6 abavulelwa nguWarras iProtection Order.UKaputeni uveze ukuthi kukhona uFakazi odayisa izithelo notamatisi phambi kwebhilidi iZambesi House othi wabona uMajola etshela amadoda amabili ewakhombisa uWarras ethi “Nangu lo muntu okufanele nimubulale”.UKaputeni utshele inkantolo ukuthi uma ingahle inike uMajola ibheyili uzohlukumeza noma asabise uFakazi.
Khumu!