Udedelwe ngesexwayiso uMaNgobese

Udedelwe ngesexwayiso uJacinta Zinhle Ngobese Zuma ongumholi wenhlangano iMarch and March kulandela ukuzinekela kwakhe kwabakwaSidlodlo.Le nhlangano ibikhiphe istatimende izolo yaveza ukuthi amaPhoyisa asevulele icala lokuhlumeza elivulela le nhlangano eholwa nguMaNgobese.Kuzokhumbuleka ukuthi inhlangano iMarch and March ingenye yezinhlangano ezilwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho.Kamuva nje iMarch and March ibilwela izingane zakuleli ukuba zithole izikhala eAddington Primary School eThekwini.Kulesi sikole kubikwa ukuthi kunezingane zabokufika ezingale kuka500 abazali bazo abangenawo amaphepha abagunyaza ukuba babe kuleli.Ngakolunye uhlangothi kubikwa ukuthi kunenqwaba yezingane zakuleli ezingafundi ezidinga izikhala,ikakhulukazi kusona lesi sikole ngoba siseduze.Yizona-ke uMaNgobese abezilwela kuze kuthiwe uhlukumeza abokufika nje.Kubikwa ukuthi uMaNgobese uzinekele emaPhoyiseni asePoint ngezithuba zo7:30 ekuseni.Ngokusho kukaMmeli wakhe uXolani Zuma uthi uMaNgobese udedelwe ngesexwayiso nokho abakwaSAPS bazothumela idokodo kwiNPA okuyiyona ezokhipha isinqumo esishoyo ukuthi ngabe inhlangano iMarch and March inecala noma cha.UZuma uthi uma iNPA ithola iMarch and March inecala lelo cala lizobe seliyiswa enkantolo.UZuma ubuye waveza nokuthi kunezinhlangano ezimbili ezivulelwe amacala afana neleMarch and March.Lezo nhlangano yiOperation Dudula kanye noMkhonto weSizwe.Khona manjalo uMEC wezemfundo wakwaZulu Natal uBaba uSipho Hlomuka uthi azikho izingane zaseKZN ezihleli emakhaya ngenxa yokungatholi izikhala ezikoleni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *