Injabulo yodwa kwiSitobha seqembu le Kaizer Chiefs uEden MacCarthy osejoyine iqembu lase Azerbaijan i- Sabah FK. Leli qembu lidlala kwiLigi yakhona enkulu,kanti lizodlala nakwiUEFA Champion League okusho ukuthi kungenzeka ukuthi uMacCarthy agudlane amahlombe nabadlali bamaqembu efana noReal Madrid,Barcelona,Inter Milan kanye nabanye.Lo mdlali oneminyaka eyi22 uyindodana kaFabian MacCarthy naye owabe eyiSitobha saleli qembu laseSoweto.Selokhu afika esemncane kuleli qembu laseSoweto,wakhula esuka kwiDevelopment yaleli qembu.Udlale imidlalo eyi 33 eqenjini elikhulu leKaizer Chiefs,wavelela amaGoalie amabili.Ephawula kwabezindaba uMqondisi weKaizer Chiefs uJunior Motaung uthe bona njengeqembu banesiqiniseko sokuthi uEden ozoliphakamisa iFulegi leKaizer Chiefs futhi uzoziphatha kahle kakhulu njengoba ubeziphethe kahle naseNaturena.Ube esefisela uEden enkulu inhlanhla eqenjini lakhe elisha.
U-Eden MacCarthy usejoyine iqembu laseEurope elizodlala kwi UEFA Champions League