Namuhla iLigi yaseNgilandi eyaziwa ngokuthi yiEnglish Premier League yethule imithetho emisha ebekelwe ukujezisa abadlali abamosha isikhathi ngamabomu.Umthetho wokuqala uthi uma umdlali ephuza ukukhahlela i-corner leyo corner iyashintshwa ibe yi-goal kick yezimangi abasuke badlala nazo.Umthetho wesibili uthi uma umdlali ephuza ukuphosa ibhola uma kuyi-through in iqembu lakhe leyephucwa lelo lungelo .linikwe izimangi,i-through in iphoswe yizimangi.Umthetho wesithathu uthi uma kushinsthwa, umdlali osuke ezophuma kufanele aphume enkundleni kungakapheli imizuzwana elishumi phecelezi 10 secs.Uma kuphela u-10 secs esasenkundleni, umdlali osuke ezongena uyalindiswa ngaphandle kuze kuphele umzuzu owodwa,nalo osuke ezophuma naye akhishwe.Okusho ukuthi iqembu liyodlala ngabadlali abayishumi kuze kuphele umzuzu.
ILigi yaseNgilandi iqinisa isandla kubadlali abamosha isikhathi