Namuhla emini kutheleke abantu abayi11 ababekade bevaleleke ezweni laseRussia.Laba bantu bafikele eKing Shaka eThekwini.Ngokusho kukaMkhulumeli wemindeni yalaba bantu uThulani Mahlangu uthi laba abantu babethunyelwe ezweni laseRussia njengabantu ababeyocijwa ukuba ngaBaqaphi(Bodyguards)kanti babeshaywa ngeMfe iphindiwe bazofike baphakwe ekhaleni le mpi yeRussia eyilwa neUkraine.UMahlangu utshele iNewsroom Afrika ukuthi owayebethembise lokho nguDuduzile Zuma-Sambudla oyindodakazi yalowo owabe enguMengameli wezwe uBaba uJacob Zuma.Kuzokhumbuleka ukuthi kwakuhambe abantu abayi17 beya eRussia,kwathi emasontweni ambalwa edlule kwabuya abane,kwasekuthi namuhla kwatheleka abayishumi nanye(11)okusho ukuthi babili abasasele.Okunye ukuphawulekayo wukuthi kulaba bantu abafike namuhla oyedwa wabo uhamba ngesihlalo esinamasondo,kuthiwa washaywa ngomcibisholo weDrone khona empini yaseRussia.Ngokwezibalo babili abasele eRussia,nokho kukhulunywe ngoyedwa okuthiwe uthola ukwelashwa ngoba naye walima.UMahlangu utshele intatheli uXoli Mngambi ukuthi bona beyimindeni batshelwa ukuthi laba bantu basayiniswa amankontileka ayebabophezela ukuba bahlele eRussia okwezinya ezi12 beqeqeshelwa ukuba ngaBaqaphi.UMahlangu uqhube wathi uDuduzile wathola uR14million,kuleyo mali wayezokhokhela laba bantu uR45 000 umuntu emunye njalo ngenyanga kuze kuphele lezo zinyanga eziyi12.UMahlangu uveze nokuthi kungezeka laba bantu bethweswe amacala okwephula imithetho yaleli zwe ngokuya empini engabandakanyi izwe laseMzansi.Uqhube wathi kodwa uma beluchaze kahle udaba lwabo basho ukuthi babeshaywe ngeMfe iphindiwe angeke bazithole sebeboshiwe.
Khumu!