Izovela namuhla enkantolo indoda eyasabisa uPhakel’umthakathi ngesibhamu

Izovela namuhla enkantolo yakwaNongoma indoda yaseCongo okwasabalala iVido yayo lapho yayibonakala khona iphethe isibhamu,isongela uPhakel’umthakathi ithi izofa naye .UPhakel’umthakathi  Ndabandaba uyiNdunayezinsizwa yakhona kwaNongoma.Umfoka Ndababanda ubuye ahole umkhankaso wokuxosha abokufika abakuleli ngokungemthetho.Kuleyo Vido le ndoda yayibonakala isongela umfoka Khathide ithi izomudla imfele ngesibhamu uma ingahle asondele kuyona azame ukuzoyixosha kwaNongoma.Ngesonto eledlule uKhathide ekanye nezinye izinsizwa zakwaNongoma babe sebephuma inqina yokuzingela le ndoda baze bayithola,bayibizela amaPhoyisa kwaba wukuboshwa kwayo.Okwamangaza wukuthi le ndoda ingeyakude eCongo kodwa iyasizama impela isiZulu okusho ukuthi isinesikhathi eside impela ikanise eHlalankosi.Izovela-ke namuhla enkantolo yakwaNongoma le ndoda ngamacala okusabisa kanye nawophatha isibhamu esingenazo izincadi.Bekungakaveli noma inawo yini amaphepha ayigunyaza ukuba kuleli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *