Usekhonjwe indlela uEric Tinkler

Iqembu leSekhukhune United selikhombe indlela umqeqeshi walo uEric Tinkler.Kuthiwa ngenkathi leli qembu liqasha uTinkler ngoNdasa wango2025 lakubeka kwacaca kuye ukuthi kuleSizini esikuyona lifuna uNombolo 3 kanye neSicoco esisodwa sasekhaya,kungaba yiNedbank Cup,iBlack Label Cup noma iSicoco seLigi uqobo.Ngeshwa uTinkler wehlulekile ukucosha ngisho okukodwa kwalokho ayekubekelwe.Ngesonto esibuya kulona iSekhukhune sishaye iMagesi ngeGoalie elilodwa eqandeni.Lokho akubagculisanga abaphathi beqembu kwazise ngaphambi komdlalo waMagesi iSekhukhune besesidonse imidlalo eyisihlanu siyangazi i-win.Kuthiwa u Paulus Masehe nguyena ozobamba izintambo kuze phele iSizini.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *