Uzofihlwa ngoMsombuluko uNontobeko Cele (25) obulawe ngowayethandana naye. Lo mbiko udalule uMndeni wakhe okhulume nabezindaba i-Newsroom Africa . UNontobeko udlule emhlabeni izolo ebulawa uSibusiso Ntaka owayethandana naye . USibusiso wabulala lona wesifazane maqede waqopha eVido ekhuluma ngokubulala kwakhe uNontobeko. Leyo Vido wayifaka kuFacebook wakhe kanye nezithombe ezinyantisa igazi .USibusiso wagcina ezikhungile esihlahleni esiseduze nendawo yesigameko. Kuleyo Vido uSibusiso ukhale ngoxhashazwa uNontobeko athi wayemjolela waze wakhulelwa ingane okungesiyona eyakhe. Uqhubekile uSibusiso wathi intombi yakhe ibisimalile ngoba isiphunyelwe imali kaRAF okuyimali etholwa umuntu olimale engozini yemoto. Uqhubeke wathi nayo leyo mali uNontobeko uyithole ngosizo lwakhe. Ngenkathi abezindaba bakwaNewsroom Africa bexoxa nezinhlangothi zombili kuhlukene ukuphawula. UMnu uSipho Ntaka onguyise ka Sibusiso utshele iNtatheli uNobuhle Modise ukuthi indodana yakhe yayisimlobolile uMaCele , ngakho-ke ubengisiyona intombi yakhe kepha ubenguMkakhe. Uthe uyena luqobo lwakhe owalobolela indodana yakhe . UMnu Ntaka ukuvezile nokho ukuthi indodana yakhe ibingasathandani noMaCele . Uluvezile futhi nodaba lwengane eyiVezandlebe, wathi wakuzwa ngendodana yakhe. UVeze nanokuthi yena ngokolwazi lwakhe ubazi ukuthi indodana yakhe ibingasathandani noNontobeko . Uthe kodwa kamuva uMaCele ubesencenga indodana yakhe ethi ucela babuyelane, waze wathumela ngisho nezingane zakhona kwaNtaka wathi aziyomcengela kuSibusiso ngoba yena wagagamela. Uthi indodana yakhe ibisimemukelile uNontobeko kanti kuzohamba kuhambe abuye ayale futhi . UMnu uNtaka uthi uMaCele akagcinanga ngokuyala kuphela indodana yakhe kepha wabuye wayimoshela nasentombi yayo entsha ngokuyithumela iVido enoSibusiso , nokwaholela ekuhlukaneni kukaSibusiso nentombi yakhe entsha. UMnu uNtaka uthi kwathi lapho indodana yakhe isihlukene nentombi yayo entsha uNontobeko naye waphinde wayala okwesibili yasala dengwane. Uthi yisona senzo esicasule indodana yakhe leso. Ngasohlangothini lwakwaCele iNtatheli uNobuhle Modise ixoxe noBabekazi ka Nontobeko ochaze uSibusiso njengoMhlukumezi owayehlukumeza uMshana wakhe mihla namalanga . Uthi wayemsahaya njalo , ngelinye ilanga waze wamshayisa ngeMoto yakhe -okuyinto angezange ivezwe ngasohlangothini lwakwaNtaka. UBabekazi kaNontobeko utshele iNtatheli ukuthi yona kanye leyo mali kaRAF uSibusiso abekhuluma ngayo uMshana wakhe walimala elinyazwa uyena uSibusiso . UNontobeko ubengowaseMzinto , endaweni yakwaCele . Kanti uSibusiso yena ubengowaseScottburg , efundisa kwesinye sezikole zakwaDukuza. Inkonzo yeSikhumbuzo kaNontobeko isibanjelwa eHolo lakwaCele Community Hall ngoMgqibelo
Uzofihlwa ngoMsombuluko uNontobeko Cele obulawe ngowayeyiSithandwa sakhe