AmaPhoyisa aseSekhukhune eLimpopo asebambe isigebengu esiyingozi kakhulu futhi okukudala sizingelwa ngababakwaSidlodlo. ULovemore Musoyi ongowukudabuka eZimbabwe oneminyaka engamashumi amathathu nantathu (33) weqa eVenini yamaPhoyisa ngowe 2023 ngenkathi eyodonsa isigwebo sakhe eJele i-Motetema Prison eMpumalanga. Kusukela ngalo lolo suku ubelokhu ezingelwa ngezikaDalawana. Uze watholakala ngoLwesihlanu etholwa amaPhoyisa aseSekhukhune abekade eqhuba umkhankaso owaziwa ngokuthi u-“Vala uMgodi” okuwumkhankaso ohlose ukuqeda ngoZamazama(abavukuzi beMigodi abangekho emthethweni) . Kuthiwa le ndoda itholakale ehlathini ihlome ngeVolovolo elingekhgo emthethweni , ebeligcwele phama izinhlamvu . Le ndoda ibifunelwa inqwaba yamacala ahlanganisa awokubulala, awokubamba inkunzi kuhlonyiwe, awokuthumba kanye namanye. Wonke lamacala yawenza khona lapha eNingizimu Afrika. Le ndoda izovela eNkantolo ngoMsombuluko,
AmaPhoyisa aseLimpopo asebambe isigebengu saseZimbabwe esiyingozi