ISilo uMisuzulu Sinqobile ka Mdlokombane sesifake isicelo sesehlukaniso komunye woNdlunkulu baso .INgonyama ifake isicelo sesehlukaniso eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu namuhla ekuseni . Ngokusho koMmeli kaNdlunkulu ofakele isehlukaniso uMnu Melusi Xulu weDonda Attorneys uthi amaphepha esehlukaniso sebawatholile impela bengabaMmeli bakaNdlunkulu .ISilo sifaka isehluniso kuvela ukuthi silungiselela ukugcagcelwa uNdlunkulu wesithathu uNomzamo Myeni ekupheleni kwale nyanga. Kubikwa ukuthi sekuphele isikhathi esingango nyaka iMbube ihlala ngokwehlukana noNdlunkulu ezohlukanisa naye , kanti futhi kubikwa nokuthi alisekho ithemba lokulungiseka kwalo mshado . IMbube ibone kukuhle ukuba kugqabuke igoda .
ISilo uMisuzulu sesifake isicelo sesehlukaniso komunye woNdlunkulu baso .