Namuhla kugujwa iminyaka ewu-146 kwalwa iMpi yaseSandlwana okuyimpi eyabe iphakathi kukaZulu namaNgisi . IMpi yaseSandlwana yalwa ngomhlaka 22 Masingana kubusa iSilo uCetshwayo ka Mpande . ISandlwana yile ntaba eniyibona esithombeni , iseNquthu. UZulu wawudla umhlanganiso kule Mpi ize iMpi kaZulu yayincane ngokwesibalo kuneyamaNgisi . Impi yamaNgisi yayibandakanya namaMbuka ngoba aba maningi amakhosi ezizwe zaseKZN anikela ngaButho awo kumaNgisi ukuba ayokwelekelela eSandlwana . Kulawo makhosi singabala inkosi Homoyi Ngubane , inkosi Nondise Cele , inkosi Ngcagca Dlomo , inkosi uMzwangendaba Cele , inkosi Balungeni Mthembu , inkosi uGabangaye Mchunu kanye namanye amakhosi . Kwakukhona nabaTlokwa nabo abagqisha namaNgisi , kwakukhona futhi namabutho ezizwe ezasisuke eDriefontein nawo eyolekelala amaNgisi. Kanti futhi iMpi yamaNgisi yayibandakanya nezinye ezizwe ezimhlophe esingabala kuzo i-Austria , Jalimana ,Norway , America , New Zealand kanye nezinye .Ngakho -ke iMpi yamaNgisi yayinkulu ngesibalo kunoZulu. UZulu wawudidiyelwa iQhawe lakwaKhoza uNtshingwayo ka Mahole, owayelekelelwa iQhawe lakwaNtuli uMavumengwane ka Ndlela . IMpi yamaNgisi yona yididiyelwa nguJenene uFrederic Chelmsford.Kumabutho ayibamba kwathula umoya eSandlwana ngasohlangothini lukaZulu singabala uMcijo , uKhandampevu , uDloko, uThulwana, iNgobamakhosi kanye namanye. UZulu wathi lapho usunqobile eSandlwana namaNgisi ayesindile esebalekele eNqabeni yawo i-Rorke’s Drift (eShiyane) uMntwana uDabulamanzi ka Mpande waphaka amabutho ukuyoqeda ngamaNgisi eNqabeni yawo . Leyo mpi yaziwa ngokuthi yiMpi yaseShiyane eyalwa ngabo ubusuku bangomhlaka 22 Masingana 1879 kuzosa kuwu mhlaka 23. Amabutho kaZulu awakwazanga ukungena wonke eNqabeni yamaNgisi ngenxa yobude bezindonga nanokuthi kwasekumnyama sekuhlwile. Kuthiwa aba khona nokho amabutho kaZulu akwazi ukujomba angene eNqabeni nokho awadalanga monakalo otheni kumaNgisi. Ngakho-ke isu loMntwana uDabulamanzi alizange lisebenze eShiyane. Kuthiwa iSilo uCetshwayo sasigxeka kakhulu isenzo soMntwana uDabumanzi sathi kwakungafanele athathe isinqumo sokuyohlasela iNqaba yamaNgisi ngoba wayengena uMdidiyeli. * Ngawo umhlaka 22 Masingana amabutho kaZulu ayedidiyelwa ngoGodide kaNdlela Ntuli , uSomopho kaZikhala Mthembu kanye no Bhejane ka Nomageje Cebekhulu alwa namaNgisi eNyezane .Kuthiwa kule mpi zashayana zabukana. Eqinisweni iMpi kaZulu yayingenawo amandla kule ngxenye yezwe kwazise amabutho ayelapha kwakungamabutho ayesemadala. Amabutho ayengathi anamandla kwakunguMxhapho noNokhenke . Kwaqhubeka uChungechunge lwezimpi ngawo u1879 , kwathi ngomhlaka 2 kuMbasa (April) kwalwa impi yaseGingindlovu .Kuleyo mpi uZulu walugoba uPhondo , amaNgisi ashisa nesigodlo saseGingindlovu esasakhiwe uMntwana uCetshwayo kulandela ukwehlula kwakhe umnewabo uMbuyazwe(Indlovu eneSihlonti) .Wayethi uginge indlovu. Zaqhubeka izinxushunxushu KwaZulu kwaze kwaba ukwehlulwa kukaZulu ngokuphelele empini yasoNdini (Batle of Ulundi) mhla zizine kuNtulikazi (Julayi). Isithombe seNtaba iSandlwana sithathwe kuFacebook kaMbuso Khoza ,uSomlando .
Khumu!
Siyabonga ngokusifundisa ngomlando wethu onothile asibonge nobaba u Khoza ngokusoloko Esihlephulel ulwazi okhozini isandla sedlula Ikhanda
Qhawe lakithi siyabonga kakhulu