Seligqabukile igoda phakathi kukaRhulani neMC Alger

Ezingene namuhla emini zithi umqeqeshi wakuleli uRhulani Mokwena oseshiyile eqenjini laseAlgeria i-MC Alger.Kubikwa ukuthi  kuhlalwe phansi kwaxoxiswa,kwase kuyehlukwana nje kahle ngaphandle kwempi.Abezindaba babika ukuthi uMokwena usingise amabombo eLybia ukuyocija iqembu elidlalelwa uThembinkosi Lorch i-Al Itthad yaseTropoli,eLybia.Leli qembu kade lamgaqela uMokwena,selize lagcina limtholile.Izingxoxo phakathi kukaMokwena neAl Itthad ziqale phansi ngesonto eledlule kulandela ukushiya kukaKhaled Ben Yahia njengomqeqeshi we Al Itthad.Leli qembu laseLybia lidume ngokuyidedela inkece,kuyavela futhi nokuthi uLorch uyikha ngeFosholo kuleli qembu elizinze edolobheni elicebe kakhulu ngoOyela.

Khumu!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *