Namuhla wusuku lapho uZulu ubungaza khona iminyaka engama 146 wanqoba amaNgisi eSandlwana.Le mpi yalwa ngomhlaka 22 Masingana(January) 1879,yalwelwa entabeni iSandlwana endaweni yaseSinquthu kwaZulu Natal.Ngaleso sikhathi uZulu wawubuswa yiSilo uCetshwayo ka Mpande.Impi ka Zulu yayididiyelwa uNtshingwayo ka Mahole wakwaKhoza,elekelelana nabanye abadidiyeli oMavungwana ka Ndlela Ntuli kanye noVumindaba ka Ntethi Biyela.Ngalo lolu kwalwa nempi yaseNyezane nayo eyayiphakathi kwamaNgisi noZulu.UZulu eNyezane waholwa nguGodide ka Ndlela Ntuli.UZulu wawanqoba amaNgisi eSandlwana.Kwathi ngobusuku bawo umhlaka 22 Masingana kuzosa kuwumhlaka 23 uMntwana uDabulamazi waphaka amabutho aphikela eShiyane enqabeni yamaNgisi.Inhloso yokuyohlasela eShiyane kwakungukuqeda nya ngamaNgisi kwazise enqabeni yamaNgisi kuyilapho amaNgisi ayegcine khona izikhali.Impi yaseShiyane yaziwa ngesiNgisi ngokuthi “The Battle of Roeke’s Drift.Amabutho kaZulu ahluleka ukujomba izindonga zenqaba yamaNgisi,agcina ethe khumu aphindela oNdini,kwazise futhi kwakusebusuku.sekumnyama.AmaNgisi awazange azibeke phansi ngemuva kokwehlulwa kwawo eSandlwana,aqhubeka elokhu ezame njalo agcina esephumelele kwazise ayesesebenzisa namanye amaZulu afana noMntwana uZibhebhu,uMntwana uHhamu kanye nabanye,abahlomisa ngezibhamu ukuba bahlasele abalandeli beSilo uCetshwayo ka Mpande.Kwathi ngomhlaka 4 Ntulikazi 1879 amaNgisi agcina esehlulile iSilo uCetshwayo ashisa nesigodlo sakithi oNdini.ISilo uCetshwayo sagcina siboshiwe mhaka 31 Ncwaba 1879,saze sadedelwa ngoMasingana 1883.
Khumu!