UMusona ubuyele eqenjini lesizwe laseZimbabwe

UKnowledge Musona ubuyele eqenjini lesizwe laseZimbabwe elituswa ngokuthi lingamaWarriors.Ngo2022 uMusona wamemezele ukuthi angeke esadlelela amaWarriors,kodwa kuthiwa ugcine esihoxisile isinqumo sakhe kulandela ingxoxo yakhe noMqeqeshi wamaWarriors uMichael Nees.UMusona ukhumbuleka kakhulu esagijima kwiKaizer Chiefs eminyakeni eyedlule.Wathi uma esuka kuBafana basePhefeni wabhekisa amabombo eJalimana eqenjini iTSG 1899 Hoffenheim lapho agijima khona iSizini eyodwa iqembu lakhe labuye lambolekisa kuyona futhi iKaizer Chiefs wagijima kwezaseSoweto okweSizini eyodwa ngaphambi kokuba abuyele eqenjini lakhe laseJalimana.Nalo elamdayisela eBelgium lapho adlala khona iminyaka eminingi edlalela amaqembu ehlukene.Manje ugijima eSaudi Arabia eqenjini Ial-Okhdood Club.Izwe laseZimbabwe lizodlala neBenin ngomhlaka 21 kuNdasa eThekwini,bese emuva kwezinsuku ezine iyodlala neNigeria khona eNigeria.Lena yimidlalo yokuhlungela umqhudelwano weWorld Cup ozoba seCanada kanye naseMexico ngo2026.Naba abanye abadlali abaqokiwe.

ONozinti

Washington Arubi (Marumo Gallants, SA)
Martin Mapisa (MWOS FC, Zim)
Marley Tavaziva (Brentford, England)

 

IZitobha

Jordan Zemura (Udinese, Italy)
Godknows Murwira (Scottland FC, Zim)
Emmanuel Jalai (Dynamos, Zim)
Devine Lunga (Mamelodi Sundowns, SA)
Gerald Takwara (Al Minaa, Iraq)
Munashe Garan’anga (FC Copenhagen, Denmark)
Isheanesu Mauchi (Simba Bhora, Zim)
Peter Muduhwa (Scottland FC, Zim)

 

Abadlali baseSizwini

Khama Billiat (Scotland FC, Zim)
Marshall Munetsi (Wolverhampton, England)
Andy Rinomhota (Cardiff City, England)
Marvellous Nakamba (Luton Town, England)
Mthokozisi Msebe (Scottland FC, Zim)
Knowledge Musona (Al-Okhdood, Saudi Arabia)
Tawanda Chirewa (Huddersfield Town, England)

 

AbaGadli

Prince Dube (Young Africans, Tanzania)
Tawanda Maswanhise (Motherwell, Scotland)
Terrence Dzvukamanja (SuperSport United, SA)
Tymon Machope(Scottland FC, Zim)
Walter Musona (Scottland FC)

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *