Inkampani yeziNdiza iFlySAfair isimemezele ukuthi sesiphelile isiteleka saBashayeli beziNdiza zayo ebesesidonse izinsuku eziyiShumi nambili(12).Kulesi siteleka aBashayeli bebakhala ngemiholo emincane,bethi kufanele yenyuswe.Namuhla ekuseni le nkampani ikhiphe isitatimende ekhasini layo likaFacebook ibika ukuthi sesiphelile lesi siteleka kulandela ukuvumelana ngokunyuswa kwemiholo phakathi kwezinhlangothi ezimbili okuyiyona le nkampani kanye naBashayeli beziNdiza.Phakathi kwezinto okuvunyelwane ngazo kuvunyelwene ukuthi aBashayeli bazothola ikhefu lamaHora ayi60 njalo uma kuphela amaviki ayisithupha bathole namaWeekend ayi9(Sishayagalo lunye)ngonyaka.Kuphinde kwavunyelwana ngokuthi aBashayeli bazoba negunya lokushintshana ngamaShift bebodwa engekho umphathi.Kuvunyelwane nangokuthi imiholo yaBashayeli izokhushulwa ngamaPhesenti ayisithupha(6%),iphinde ikhushulwe futhi ngamaPhesenti Sithupha nesigamu ngonyaka ozayo(6.5%).Le nkampani ithi manje iziNdiza zayo zizoqala zindize ngendlela obekuhlelwe ngayo singaqali lesi siteleka.
Sesiphelile isiteleka saBashayeli beziNdiza bakwaFlySAfair