Ubonga umphakathi waseMzansi umndeni kaMazwi Kubheka uSomabhizinisi waseVosloorus osemncane obethunjwe ngoSomabhizini bokufika ngoba enqabe ukudedela iSpaza sakhe.UMazwi ubesolokhu athunjwa mhlaka 2 Ephreli (Mbasa)khona eVosloo,kuthiwa wathunjwa eya eBhanga.Izindaba zokuthunjwa kwakhe zasabalala ezinkundleni zokuxhumana kangangokuthi kwaze kwasukuma umphakathi waseVosloo ulekelelwa ngabanye abantu bakuleli kwabanjwa enkulu iMashi.Kuleyo Mashi kwakukhona noPhakel’umthakathi induna yezinsizwa yakwaNongoma kanye noXolani Khumalo wodumo lweSizok’thola.Laba baholi ababili bakhipha umyalezo owawuthi kuvalwe zonke izitolo zabokufika kuze kutholakale uMazwi.Okwalandela lapho kwaba wukudedelwa kukaMazwi ngabathumbi bakhe,udedelwe izolo ebusuku.Kuthiwa abathumbi bakhe bamlahle ndawana thizeni wase ecoshwa umshayeli weTekisi ube esemyisa emaPhoyiseni.Ngokusho kukaNonhle Kubheka ongudadewabo kaMazwi uthi ngenkathi uMazwi etholakala ubengazi noma kusemini,noma kusebusuku,nomqondo ubungasebenzi kahle.Kuthiwa uyelulama esibhedlela kanti ubeseqalile nokuchaza ngokwenzekile.Kuthiwa uthi abathumbi bakhe baqala ukuba nodlame kakhulu ngosuku lweMashi kangangokuthi baze bambuza ukuthi ngabe ungumuntu omkhulu yini?Kungani izwe lonke lisukumela phezulu udaba lwakhe?UXolani Khumalo uthi izitolo zabokufika kufanele zivalwe kuze kutholakale abathumbi bakaMazwi.UMntungwa uthi angeke kucwebe iziziba kube sengathi akwenzekanga lutho.Uqhube wathi oSomabhizinisi bokufika bathatha imali ethenga ngezakhamizi zakuleli bayothenga ngayo izinkabi ukuba zibulale oSomabhinisi bakuleli.Uqhube wathi yena nethimba lakhe sebezwile ukuthi izidakamizwa zifihlwa ezitolo zabokufika.UKhomishana wamaPhoyisa aseGauteng uJenene Tommy Mthombeni utshele abezindaba ukuthi abathumbi bakaMazwi bayaziwa,bazobishwa kungekudala.Ngokuchaza kukaMazwi uthi ubethunjwe ngabantu baseTophiya ababelekelwa ngabakuleli kanye nabaseMalawi.
Umndeni kaMazwi ubonga umphakathi waseNingizimu Afrika