Namuhla usuku okwakhothama ngalo inkosi yakithi eKuphakameni

 

Namuhla kuphela iminyaka engama 91 kwakhothama inkosi uMudliwamafa Isiah Shembe eyakhothama mhlaka 2 Meyi 1935,yayizalwe ngo 1865.Umlando usitshela ukuthi uMzazela onguKhokho wenkosi uShembe wasuka kwaZulu kwaCeza wabhekisa amabombo eNtabamhlophe kwelaMaHlubi lapho agcina akhe khona.Kuthiwa isizathu esamsusa kwaCeza kwaba wukuthi wayebonisiwe kwathiwa kwaZulu kuzozalwa inkosi enolaka ezoshakazisa izizwe,kushiwo iSilo uShaka.Kuthiwa izwi lathi makasuke impela ajokole abheke enyakatho.Kuthiwa wasuka -ke uMzazela owayebuye abe yiSangoma wabheka enyakatho wagcina esesendaweni yaseNtabamhlophe.UMzazela wayezalwa nguSokhabuzela ka Nhlanzi ka Donsa.Yena wazala uNhliziyo owazala uMayekisa owazala inkosi uMudliwamafa eyizala kuNdlunkulu uSitheya Hadebe.Inkosi uMudliwamafa yiyona eyasungula iBandla lakwaShembe.Nazi izibongo zayo ngezansi.

Izibongo zeNkosi yaseKuphakameni iNkosiĀ  u-Isiah Mudliwamafa Shembe (UMqaliwendlela)

Ithole lakithi kwaNontandabathakathi
Lafohla imvalo ebivale emasangweni
AkwaNontandabathakathi
Ngoba lalaziwa izwi lombizayo
Uyagobhoza njengamanzi oThukela
Akanakuvinjelwa.

Undaba zasuka kwaNontandabathakathi
Zajula zaya kweliphezulu
Zathi ma zikweliphezulu
Zabanemvunge,zavunguzela
Zawa eMthandeni emzini wenkosi kwaMaphumulo
Kwaxokozela amadoda amangala
Amangala kuMaxhayi umntanmlungu
Usayitsheni wahloma
Kwahlangana amehlo wavuma
Wathi ndaba zimnandi zeseKuphakameni

Undaba zavela obala
Zavela emehlweni amadoda
Zabuzwa izazi kwelaseNanda
UJan-Dube umfo wakwaNgcobo
Lavuma iThestamente
Lavuma iBhayibheli wadana

Umnyovu waveva,Unomisa izintaba,
EMaphephetheni,
Usomela othini njengethente
UMondliwa kakhuluphali
Ngoba ondele izwe lobomi
UNomlethi kanoMadinana
Zonke izizwe zithi mlethe

Usidlangudlangu,Udobongwana,

Inkomo izakwaphuka uphondo
KwezikaNyathikazi,
Inkunzi yakithi eKuphakameni
Iliphondo lunye
Ihlaba ezinye emaswebeni
Umlamula nkunzi
Ngabe uziyeke zabulalana

Unoqandela
Uyazi ngokwakhe,
Uqili labanjwa
Beligunge ukhololo
Emisilingeni eKuphakameni
Umbabazi waba ngundilevu

Usihlahla sothathwe
Sibambe uMaBhungane
Ngezansi komuzi eKuphakameni
Nanamuhla sisambambile
Ugebhu mbana phansi
KwelaseMzumbe
Kwavela amanzi
Amadoda athola isimanga
Indaba ungayizwa ngotokoloshe
KwelaseXopho ,eMzimkhulu
Isitimela sema obala
Lapho ngemunga kungemtholo.

Umabheka kafikanga
Ubuye wabambeka
Ubebhekwe ngabaningi
Isambane esimba umgodi singawulali
Usalulalwe ngabantwana
Uthenge amagquma
Wathenga izintaba
Wathi salani bantabami nidumise
Ngonilandela abanye
NakwaMzilikazi kaMashobana ngofika

Ubatshazwe uVelemu
KwelaseMhlahlane
Umfana kaMpatsha
Wathi mtaka Nhliziyo senginovalo
Umzimba uyathuthumela
Intendele ibindwe emlonyeni

Wabatshazwa amakhosi
Akithi kwaNyuswa
USwayimane kaZiphuku
Wathi nalu uswazi
Oluncokazi olukaThixo
Wabatshazwa uHamu kaHovoza
Wathi ugaqa libomvu nangaseKuphakameni

Ingidingidane ebebeyigidisa
Umgidi ogide lashona ilanga
Usikhwama senyenga asikhethi
Umafunda nezibi akabakhethi
Uyobakhetha phambili

Uhlamuka siwele

Siye kwelakithi kwaZulu
Umhlamuka ngevangeli
Ivangeli elashunyayezwa
Ngabamhlophe nabansundu
Bathi alihambe
Liye ekupheleni komhlaba
Lithe libuya laseliphethe
Amalangabi omlilo
Lashisa amagquma nezintaba
Lathunga iziholo ,lazibhinca amabheshu
Baliphika bathi akulona leli vangeli
Esalishumayelayo

Umlilo ovuthe eNdulinde
Bawucima
Ukhwezelwe uShandu kwabaseNdulinde
UShandu bamsongela
Bathi Shandu wakhwezela isikhuni somlilo?
UZombeyana umntanomlungu
Ubethi uyawucima wawubangela phambili

UNompanda bemguqula
Impisi engenamngani
Idla akade beyihlekisa
Yadla akade beyiphulula
Ukhakhayi lwezinkomo
Zakithi eMkhayideni
Ulanga phuma sikothe
Nabalothayo liyabahangula
Ombongi zethe ziyabongela
Ngaphambi kwamasango aseKuphakameni
Kwatatazela uBukhosini
Wakwabanezilevu
Wathi July mfana kaNgema
Wangena emangeni wavuma

Ubehlasela ngevangeli
KoMtubatuba
Bagijima baya eNkantolo
KwaNongoma .
Bathi nangu umtaka Nhliziyo
Uhlasela ngevangeli
Kodwa akabizwanga muntu
Kube ndaba ziphuma ethendeni

Ubendlondlo enganasibiba kwabakayise
Inesibiba kwabezizwe
UbenguBhombela
Isitimela samaMpondo

INkosi kayiqedwa!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *