Namuhla kuphela iminyaka engama 198 kwakhothama iNgonyama uShaka

Nina beSilo namuhla kuphela iminyaka eyi198 kwakhothama iSilo uShaka,sakhothama ngalo lolu suku lwangomhlaka 28 kuMandulo 1828 sibulawa ngabafowabo aBantwana oDingane ka Senzangakhona,uMhlangana ka Senzangakhona noMbopha kaSithayi waseGazini.ISilo uShaka yisona esabumba isizwe samaZulu,lowo msebenzi sawuqala ngo1816 kwaze kwaba umhlaka 28 kuMandulo.ISilo esalandela iSilo uShaka esihlalweni sobukhosi kwaba iSilo uDingane,sona esakhothama ngo 1840.Kusukela ngo1840 kuya ku1872 kwabusa iSlo uMpande ka Senzangakhona.Kusukela ngo1872 kuya ku1884 kwabusa iSilo uCetshwayo ka Mpande.ISilo uCetshwayo salandelwa indodana yaso iSilo uDinuzulu owabusa kusukela ngo1884 kwaze kwaba wunyaka ka 1913.ISilo uSolomon sabusa kusukela ngo 1913 kuya ku1933.Kusukela ngo1933 kuya ku1948 kwabamba uMntwana uMshiyeni ka Dinuzulu owayebambele uMntwana uCyprian Bhekuzulu Nyangayeziwe ka Sololom.ISilo uSolomon salandelwa indodana yaso iSilo uBhekuzulu owabusa kusukela ngo1948 kwaze kwaba wu1968.Kusukela ngo1968 kuya ku1971  kwabamba uMntwana uMcwayizeni owayebambele uMntwana uZwelithini ka Bhekuzulu owayesakhula.

 

Khumu!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *