UKhumbudzo Ntshabeni oyisikhulu seHhovisi likaMengameli useveze ukuthi udaba lokunyamalala kukaMazwi Kubheka(27) waseVosloorus selwedluliselwe kwiNational Crime Intelligence Unit.UMazwi unguSombhizinisi osemncane oneSpaza Shop khona eLokishini laseVosloorus.Kuthiwa wanyamala mhlaka 2 April(Mbasa).Kuthiwa ngaphambi kokuba anyamalale wayethola imibiko eyayivela koSomabhizinisi bokufika baseParkistan bethi bayayifuna indawo adayisela kuyona,kuthiwa babethi makabadayisele noma ayeke ukwenza iBhizinisi.Kanti namuhla abantu baseNingizimu Afrika bebephume ngobuningi beholwa nguPhakel’umthakathi noXolani Khumalo bebhikisa endaweni yaseVosloorus bekhala ngokuthi makubuyiswe uMazwi okukholelwa ukuthi uthunjwe ngabokufika.Ababhikishi bayalele ukuthi zivalwe zonke izitolo zabokufika kuze kubuyise uMazwi.UNtshabeni ube esephawula eqondise kulo udaba lokuvalwa kwezitolo waveza ukuthi udaba lukaMazwi seledluliselwe kwiNational Crime Interlligence Unit.UNtshabeni uqhube wathi umphakathi waseMzansi awunalo igunya lokuvala izitolo zabokufika,abantu abanamandla okukwenza lokho amaPhoyisa.Udadewabo kaMazwi ngenkathi ekhuluma ku-Live kaPhakela ukhale ngokuthi amaPhoyisa akhombise ukungalusukumeli phezulu udaba lukamfowabo,ahudule izinyawo..Uveze ukuphoxeka okukhulu.
IHhovisi likaMengameli seliveze ukuthi selwedluliselwe phambili udaba lukaMazwi