Angahle athole elinye ithuba lokudlala eNgilandi uMunetsi

Ngokusho kweKick Off kubikwa ukuthi uMarshal Munetsi angahle athole elinye ithuba lokugijima kwiLigi yaseNgilandi i-Premier League.. Lo mdlali owake wadlalela ezikaMagebhula manje usezincwadini zeWolves osekuqinisekisiwe ukuthi isidliwe yiZembe.Idliwa yiZembe nje uMunetsi akekho useFrance kwiParis FC lapho abolekiswe khona.I-Loan yakhe izophela ngoJune kwazise wayebolekiswe isikhashana esincane okuyizinyanga eziyisithupha kuphela.Izimpukane eziluhlaza zithi iNottingham Forest edlala kwiPremier League yaseNgilandi imufuna phansi phezulu umfoka Munetsi.UMunesti ufike wenza ezibukwayo eFrance lapho adlale khona imidlalo eyi13,wavalela amaGoalie amane,welekelela(assists)kabili-okuyinto enhle kakhulu kumdlali waseSiswini ongeyna umgadli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *