Azivalwe iziPaza zabokufika:Xolani Khumalo

 

UXolani Khumalo weSizok’thola  uthi usamile kwelithi kuvalwe zonke izitolo zabokufika kuze kutholakale abathumbi bakaMazwi Kubheka uSomabhizinisi waseVosloorus obethunjwe ngoSomabhizini baseTopiya.OkaKhathide wathunjwa mhlaka 2 kuMbasa kuwo lo nyaka.Uze wadedelwa izolo kulandela iMashi enkulu ebihollwa nguyena uMashobana kanye noPhakel’umthakathi umfoka Ndabandaba.Ngesikathi kuqhubeka uMashi uMntungwa noNdabandaba bakhipha  umyalelo owawuthi kuvalwe zonke izitolo zabokufika kuze kutholakale uMazwi.Njengoba esetholakele uMazwi uMntungwa uthi usamile kwelithi azivalwe izitolo zabokufika.Uthi angeke kucwebe iziziba kube sengathi akwenzekanga lutho.Uthi kumele zivalwe impela kuze kuboshwe abathumbi bakaMazwi.Uqhube wathi yena nethimba lakhe sebezwile ukuthi izidakamizwa zifihlwa kuzo izitolo zabokufika.UKhomishana wamaPhoyisa aseGauteng uveze ukuthi abathumbi bakaMazwi bayaziwa.Bazoboshwa kungekudala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *