Uzovela kusasa enkantolo uSomatekisi waseMpumalanga obushelwe ukugwamanda

 

Uzovela kusasa enkantolo kaMantshi yaseKwaggafontein uJoe Sibanyoni oboshelwe ukugwamanda(extortion).UJoe Sibanyoni unguSomatekisi odumile esifundazweni saseMpumalanga,uboshwe namuhla kanye nabanye ababili.Kuthiwa kukhona nowesithathu osathungathwa ngamaPhoyisa.Kuthiwa laba abathathu bagwamanda imali elinganiselwa kuR2million kuSomabhizinisi thizeni okubikwa ukuthi useMbonini yeZimayini.Kuthiwa laba abathathu bebelokhu bezitapela imali kulo Somabhizisi kwaze kwaba wunyaka ka 2025 lapho lo Somabhizinisi abika khona lolu daba emaPhoyiseni.Akuveli ukuthi babeqale nini ukutapa.Igama likaSibanyoni livele kakhulu kwiKhomishana ka Madlanga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *