Kubatshazwa ikhono le ndodana kaDoctor Khumalo

Abayivali imilomo abantu ngekhono lika Diego Khumalo oyindodana ka Doctor Khumalo owabe eyisihlabane sebhola esaduma wonke umhlaba.UDiego usaphekwa kwiAccademy yaseGoli i-Stars of Africa ephethwe nguMqeqeshi u-Farouk Khan.Le Accademy yakhiqiza abadlali abafana noTefu Mashamaite,Tokelo Rantie,May Mahlangu,Luther Singh kanye nabanye.Ephawula ngalolu daba uDoctor Khumalo utshele abezindaba ukuthi akagxambukeli ohambweni lweBhola  lwendodana yakhe,kodwa uyayibuyisa uma ngabe iphambuka empilweni.Uvumile naye ukuthi indodana yakhe inalo ikhono,nokho uphinde wenza ihlaya ngokuthi ayehli kuye  kahle indaba yokuthi indodana yakhe iyiNxele.UDoctor Khumalo waduma kakhulu eqenjini le Kaizer Chiefs,waphinde waduma naseMelika lapho adlalela khona khona i-Columbus Crew.Leli khono le bhola emndeni wakwaKhumalo lisuka kuBaba kaDoctor Khumalo  uEliakim “Pro” Khumalo,naye owadlala ibhola elikhokhelayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *