UNgqongqoshe wezokuhwebelana uMnu Parks Tau uhlolwe kwatholakala ukuthu uhaqwe yisifo soKhuvethe okuyisifo esaxaka umhlaba wonke ngonyaka ka 2020.Lokhu ukuveze esitatimendeni sakhe asikhiphe izolo.Kulesi sitatimende uMnu uTau ukhuthaze abantu abasondelene naye noma ake axhumana nabo ezinsukwini ezedlule ukuba baye kohlola nabo.Lesi sifo saxaka kakhulu ngo2020 kuya ku2021 sedlula nabantu abaningi kakhulu.Kuthiwa uMnu Tau uthola ukwelashwa kwabezimpilo.
UNgqongqoshe utholakale enoKhuvethe