AmaPhoyisa aseKapa asagcizelela ukuthi ukubulawa kukaNhlamulo Sambo umfana omcane owabula ezintatha zangeSonto akuhlangane nezibhelu eziqhubekayo ezimayelana nokuxoshwa kwabokufika kuleli.Lokhu kulandela ukuboshwa komsolwa oneminyaka eyi 23 namuhla ekuseni endaweni yakwaNonqaba eMossel Bay.Ngakolunye uhlangothi umndeni kaNhlamulo usamile kwelithi indodana yabo yabulawa ngoba isolwa ukuthi ikuleli ngokungemthetho ekubeni yona ingeyana umuntu wokufika kuleli,ingeyaseLimpopo.Ngokusho kwamaPhoyisa aseKapa kuthiwa kahle-hle uNhlamulo oneminyaka eyi19 wabhadanywa entshontsha emkhukhwini kamsolwa ebhadanywa nguyena umsolwa uqobo.Kuthiwa uNhlamulo wayenomngane wakhe oneminyaka eyi 15.Kuthiwa kwakuyizithuba zo3 ekuseni ngeSonto.Kuthiwa umsolwa wathi uma ebabhadama wahubha isisulu waze wasifisa,wabe esesigwaza inqwaba yamanxeba esifubeni.Kuthiwa lona oneminyaka eyi15 yena wasinda ngokucasha ngaphansi koMbhede.
Useboshiwe umbulali ka Nhlamulo Sambo