Ngiyaqonda ukuthi iyini iKaizer Chiefs

UMqeqeshi omusha weKaizer Chiefs uLeornado Da Cruz uthelekile izolo kuleli ukuzoqala uhambo lwakhe olusha naleli qembu elikhulu laseSowethu.KwiVido efakwe yiKheza ezinkundleni zokuxhumana uDa Cruz uveze ukuthi uqonda kahle ukuthi iyini iKaizer Chiefs,uqhube wathi uyaqonda ukuthi iKheza iyiqembu elikhulu  kangakanani ,nanokuthi yini elindelwe ngabalandeli bayo.Kule Vido uDa Cruz uqale ngokuzwakalisa injabulo yakhe ukujoyina leli qembu.Waqhuba wathi kuleli qembu  uzele ukuzonqoba,uqhube wathi ufuna ukufaka umqondo wokunqoba kubadlali bakhe(a wining mentality and good attitude).Uqhube wathi lokhu kumele bakwenze ngokubambisana bayiqembu.UDa Cruz odabuka kwelaseFrance uhlome ngeziqu zeUEFA Class A License.Leli qembu leKheza okwamanje lisasayinise uThabo Moloisane oyiSitobha,obedlalela amaStellies ngeSizini edlule.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *