Izindaba ezivela kwelaseNigeria zithi ugcine eshone ngempela umdlali waseNigeria uChinedu Ozor obekuthiwa uvuke emakhazeni kulandela ukuquleka kwakhe enkundleni ngenkathi iqembu lakhe iKatsina United lidlala umdlalo wesihle neNiger Tornadoes ngoLwesibili.Kuthiwa lo mdlali oyistobha waphuthunyiswa esibhedlela saseK-Dara Specialist Hospital khona ngoLwesibili lapho afike ashonela khona.Kwathi ngoLwesithathu kwabe sekusabalala izindaba ezazithi lo mdlali uvuke emakhazeni okwaphoqelela ukuba abuyiselwe esibhedlela.Izindaba esizitholayo zithi kungamampunge ukuthi lo mdlali ubuye wavuka emakhazeni.Iqembu lakhe iKatsima United selicele abalandeli bebhola ukuba bangasabalalisi izindaba ezingelona iqiniso,bahloniphe nomndeni kamufi,bawunike isikhathi sokulilela ingane yawo.
Ugcine eshone ngempela umdlali waseNigeria obekuthiwa uvuke kwabafileyo