Akuhlangene nezibhelu ukubulawa kukaNhlamulo eMossel Bay

Izolo ngomhlaka 1 Nhlangulana 2026 silale ngezindaba ebezithi endaweni yaseMossel Bay eKapa kubulawe umfana oneminyaka eyi19 ebulawelwa ukuthi ungowokufika yena ebe engowakuleli.Igama lalowo mfana uNhlamulo Sambo odabuka eLimpopo kodwa obehlala eKapa.Lezo zindaba zethulwe ngudadewabo uNonhlanhla Sambo ozisabalalise ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi kuFacebook.AmaPhoyisa aseKapa asekuqinisekisile ukuthi ukubulawa kukaSambo akuhlangene nezibhelu ebeziqhubeka ngoLwesihlanu kule ndawo,izibhelu zokuxosha abokufika.Uthi uJenene wamaPhoyisa aseKapa ngeSonto ekuseni ngezithuba zo3am uSambo nomngane wakhe babhadanywa emkhukhwini womuntu bengaphakathi bekhipha izinto ngaphakathi.Okusho ukuthi babentshontsha,Kuthiwa babhadanywa umnikazi womkhukhu owajaha uSambo waze wamfica,wathi lapho esemficile wabe esemgwaza amanxeba amaningi esifubeni waphangalalela endaweni yesigameko.Kuthiwa umngane wakhe yena wasizwa wukuzithukusa ngaphansi kombhede.Kuthiwa umsolwa uyaziwa,futhi amaPhoyisa asezithendeni zakhe.Kuthiwa naye unguMsinsi wokuzimilela kuleli.Kubikwa ukuthi kukhona nababili abaseMozambique ababulawa ngoLwesihlanu ngenkathi kuqhubeka izibhelu.

Khumu!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *