Umdlai waseBrazil onekhono eliyisimanga akasenalo iqembu kulandela ukudedelwa kwakhe yiqembu abekade elidlalela iCulrural Leonesa yaseSpain ebikade idlala esigabeni sesibili uLaLiga 2 esidliwe yiZembe yaya kuLaLiga 3. Lo mdlali oneminyaka eyi27 wayegijima kwiDownz ngenkathi ezoya eSpain.Akasukanga kahle nokho ,wasuka sekuliwa impela sekugadlwana nangezitethasi ezinkundleni zokuxhumana.Okusho khona ukuthi njengoba esezithola esengenalo iqembu nje ngeke aze azame nokubuyela kwiDownz ngoba washiya iNdle yakhe kulowo mthunzi.Ezinsukwini ezedlule kuke kwezwakala amahlebezi athi ufunwa yiqembu elicijwa uRhulani Mokwena eLybia,i-AI Ittihad.Nokho aphinde athula lawo mahlebezi.Okubuye kumangaze ngalo mdlali wukuthi lo mdlali akakaze adlalele iqembu lesizwe laseBrazil yize enekhono elihle kangaka.Ona Zero Caps eqenjini lesizwe.
Akasenalo iqembu uLucas Ribeiro