Sekuphelile ukuqagela mayelana nozocija iKaizer Chiefs

Iqembu le Kaizer Chiefs selimemezele uFernando Da Cruz njengoMqeqeshi walo omusha.Besekukuningi kakhulu ukuqagela mayelana nozobamba amaTomu kuleli qembu laseNaturena.Emasontweni adlule abezindaba babeshilo bathi uCruz nguyena ozocija leli qembu laseSowethu.Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule kuzwakale iSky Sports saseNgilandi sithi uDwight Yorke owake wagijima kwiManchester United naye uwugaqele lo msebenzi.Kwathi namuhla ekuseni savuka ngezithi uBaba Manqoba Mngqithi uselaxaze iqembu likaSisi Manto iGolden Arrows.Kwavele kwanda kakhulu ukuqagela,iningi laqala lakhomba uBaba uManqoba kwiMpofu ngoba nakhu eshiye kwiArrows.I-Kaizer Chiefs iveze ukuthi uCruz usayine inkontileka yeminyaka emibili,uzoqala ukusebenza mhla lulunye kuJulayi.UCruz uhlome ngeZiqu zeUEFA Pro Licence.Lo mbhemu wake wasebenza kancane neqembu leKaizer Chiefs ngenkathi kuzoqashwa uNabi,Iqembu le Kaizer Chiefs alivezanga ukuthi ngabe lo Mqeqeshi uzoqhamuka nethimba lakhe labaqeqeshi yini,njengoba kwenza uNabi.

Khumu!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *