Iqembu le Darban City selikuqinisekisile ukuthi selehlukene noMqeqeshi walo uPitso Dladla.Lezi zindaba zivezwe yilona leli qembu ekhasini lalo likaFacebook ngeSitatimende.Kulesi Sitatimende leli qembu libonge uDladla,labe selimfisela nakho konke okuhle ohambweni lwakhe lokuqeqesha.UDladla ukhonjwa kwezikaSisi Manto Madlala iGolden Arrows nayo esanda kulaxazwa uMqeqeshi wayo uManqoba Mngqithi okhonjwa kwiBafana Bafana lapho azoba yisekela likaPitso Mosimane.UDladla usize iDurban City ukudla isicoco seNedban Cup ngeSizini edlule,kanti wabamba iqhaza ekwenyusweni kwayo inyuselwa kwiBetway kwazise phela naye wayekhona kwiThimba laBaqeqeshi bayo ngoba wayeyiSekela likaSimo Dladla okunguyena owabe enguMqeqeshi weqembu le Durban City
UDladla useshiyile kwiDurban City