Ubevele enkantolo uDuduzile Zuma-Sambudla ngelezibhelu zika2021

Indodakazi kaMnu Jacob Zuma uDududuzi Zuma-Sambudla ibivele enkantolo ephakeme yaseThekwini namuhla ngecala lokugqugquzela udlame ngonyaka ka 2021.Ukuqulwa kwaleli cala kuqale namuhla ngomhlaka 10 kuLwezi(Nomvemba) kuze kube wumhlaka 21 kuLwezi 2025.Kuthiwa uSambudla waposta iTwit ngomhlaka 29 June(Nhlangulana)2021 ngenkathi kuboshwe uBaba wakhe,kuthiwa leyo Twit yayingeyokuphaka impi ngoba kwakukhona kuyo amagama athi ‘isukile maqabane’.Okwalandela lapho kwaba yizibhelu ezaholela ekucekelweni phansi kwempahla,zadala nomonakalo owuR50billion emnothweni wezwe,kwashona nabantu abayi345,kwathi inqwaba yalahlekelwa yimisebenzi.Izibhelu zaqubuka emuva kokuthi owayenguMengameli wezwe ezinikele emaPhoyiseni wagcina evalelwe eJele laseMtshezi.Kulezi zibhelu abantu bazitapela impahla ezitolo ezinkulu zakuleli.USambudla ubhala le Twit nje wayethukutheliswe ukuboshwa kukayise.Ngenkathi uSambudla evele enkantolo ubonakale ezikhululekele,exoxa ngokukhululekile nabezinda kanye namalungu oMkhonto wesizwe obekukhona kuwo noyise uMnu Zuma onguMholi wale Nhlangano.UMaZuma ubemelwe yithimba lakhe  labameli eliholwa nguMnu Dali Mpofu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *