Kwejabule izwe lonke ngenkathi iqembu lesizwe iBafana Bafana lidlulela esigabebi esilandelayo emqhudelwaneni wendebe yomhlaba.Emlandweni iBafana iyaqala ngqa ukwedlulela kulesi sigaba.Ezintatha zanamuhla iBafana Bafana iguqise iqembu lesizwe laseKorea Republic ngo1-0, eyaziwa kakhulu ngeSouth Korea.Igoalie leBafana livalelwe uThapelo Maseko esiwombeni sesibili.Ukudla umhlanganiso kweBafana kusho ukuthi seyedlulele esigabeni esaziwa ngokuthi yi-Last 32 okuyisigaba soMkhumulajesi,odliwayo uyaphuma,akusadlalelwa maphuzu manje.IBafana izodlala neqembu laseCanada ngeSonto ebusuku ngezithuba zo21:00.Lo mdlalo uzodlalelwa ngeCalifonia eMelika.Kulindeleke ukuthi iBafana izidlele amahlanga ngoba iCanada lena ayikho into etheni esingayibabaza kuyona.Yebo kuma-FIFA Rankings ihleli kunombolo 31 kanti iBafana ihleli ku54 kodwa iqiniso lithi akukhona okubabazekayo ngeCanada.Izolo ebusuku iguqiswe yiSwitzerland ngo2-1.
ImiBhiyozo iBafana idlulela esigabeni esilandelayo kweyomhlaba