Injabulo eAnfiled uMo Salah esayina inkontileka entsha

Kuqubuke  enkulu injabulo kubalandeli beLiverppol kulandela ukusayina kwenkontileka entsha komdlali oyiNtandokazi eAnfield uMohamed Salah odume ngelikaMo Salah.Lo mdlali odabuka kwelaseGibhithe namuhla usayine inkontileka entsha yeminyaka emibili eyoze iphele ngo2027.Inkontileka kaSalah bekulindeke ukuba iphele ngoJune walonyaka,lokho bekuyosho ukuthi kusukela ngawo uJune uSalah ubeyojoyina noma yiliphi iqembu alifunayo mahhala.Ukusayina kukaSalah kukhulule imimoya yabalandeli beReds(Liverppol)kwazise lo mdlali uthwelwe ngeQoma eAnfield.USalah oneminyaka yokuzalwa eyi32 kanti usevalele amaGoli ayi32 kuleSizini selokhu afika eAnfield ngo2017 esuka kwiAC Roma yaseItaly,okusho ukuthi useneminyaka eyi8 egijima kwezibomvu.Njengoba esayine inkontileka yeminyaka emibili nje lokho kusho ukuthi uma eyiqeda leyo minyaka emibili uyoba neshumi leminyaka egijima kwezobomvu.Uyoba yiNgqalabutho impela.Lo mdlali useke wagijima nakwiChelsea.Isidaluliwe nemali azoyihola eAnifield kule nkontileka yakhe entsha.Kuthiwa uyohola oPondo baseBhilithane abayi25million ngonyaka,ngeviki kuthiwa uyohola oPondo baseBhilithane abayi480 000.Kulindeleke ukuthi iSitobha seLiverppol uVigil van Dijk naye asayine maduze ngoba naye kuthiwa usezingxoxweni nabaphathi baleli qembu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *