Usekhonjwe indlela owabe eyiSinqandamathe sikaMatlala

Kubikwa ukuthi uBrigadier Rachel Matjeng usexoshiwe emsebenzini wakhe wabakwaSidlodlo(SAPS).UMatjeng ungomunye wamaPhoyisa ayi12 okuthiwa athinteka kwiNkohlakalo.Kuthiwa lamaPhoyisa athineka kwiThenda kaR350million yakwaSAPS eyatholwa inkampani iMedi Care 24 okuyinkampani eyake yaphathwa uVusi Cat Matlala.Kuthiwa lenkampani iMed Care 24 yathola le Thenda ngenkohlakalo,kanti futhi ngaleso sikhathi ithola le Thenda le nkampani yayisephethwe uyena uMatlala.UMatjeng wake wavela kwiKhomishana ka Madlanga wazivumela ngowakhe umlomo ukuthi wake waba sebudlelwaneni bezothando noMatlala,waze waveza nokuthi uMatlala wayemeteketisa ngokumubiza ngeDiva,emelekelela nangosizo lwezimali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *