Bafe olwembiza abalandeli bakaMaskandi kulandela ukushona kweNkosi yamaGcokama eshone engozini yemoto yeRichard’s Bay,buqamama nesibhedlela iMelomed Hospital.Izindaba zokushona kwale nsizwa engeyokuzalwa eMsinga ziqinisekiswe nguBaba uSboniso Duma onguMEC wezokuthutha kanye nokuhlaliswa kwabantu kwaZulu Natal.Ngokusho kukaLwandle uthi INkosi yamaGcokama iphangalalele khona endaweni yesigameko.Igama likamufi langempela nguScebi Dlamini.Umfoka Dlamini ubedume ngokukhipha amaHit kaMaskandi,nangephimbo lakhe elimtoti,nangokuhlala egezile.Uzokhunjulwa kakhulu ngezingoma zakhe ezimnandi kuhlanganisa nalezi ezithi Ngixolele,iBuz’iminyaka kanye nezinye.