UMngqithi uyayichitha eyokugaqelwa yi-Chiefs

UManqoba Mngqithi obekade enguMqeqeshi weqembu le Mamelodi Sundowns uyawachitha amahlebezi athi wayefunwa yiqembu laseSoweto i-Kaizer Chifes. UMngqithi osanda kukhonjwa indlela yiMamelondi Sundowns ukusho lokhu ohlelweni lukaRob Marawa eMsakazweni i-94.7 ngesonto eledlule. Ngenkathi uManqoba esacija iDowns kwake kwasabalala amahlebezi ayethi ufunwa yiqembu leKaizer Chiefs elalikade lingenaye uMqeqeshi ngaleso sikhathi.  Ebuzwa ngalamahlezi uMngqithi uphendule kanje    “Abanye abantu bathi bengingawufuni lowo umsebenzi, kodwa iqiniso liwukuthi, angikaze ngithole noma yisiphi isithembiso noma ngikhulume neChiefs. Kwakungamahlebezi  nje angazange abe ngawoqobo” . UMngqithi uphinde wacacisa nokuthi azikabikho izinhlelo mayelana nekusasa lakhe kwezokucija. Uphinde wacacisa ngokuthi awakabikho amathuba omsebenzi asevelile. UMngithi uxoshwa yiDowns nje ubeseneminyaka engama11 ekuyona ,  wayijoyina ngo 2013 eqashwa njengeSekela likaPitso Mosimane. Kwahamba kwahamba wagcina esengomunye wabaQeqeshi boBambiswano .Kanti uxoshwa nje besekuwuyena uMqeqeshi ophezulu kuleliya qembu lasePitoli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *